Wednesday, 8 July 2015
Isexwayiso
Ma-Afrika, enhla nasezansi ngiyanibingelela. Angithathe lelithuba lokubonga oPhezukonke ngokungigcina ngisaphila.
Usuku nosuku uphefumula luyisibusiso empilweni njengoba singaziphathele thina impilo, ingakho nje ngimbonga Ongabonwayo, ohlezi esihlalweni sobukhosi, osandla sakhe singefinyeziwe ukusindisa.
Empeleni ngithi angikhuze nanku umonakalo osuqala ukwenzeka. Okhokho bethu abadelanga ukuhlala nemndeni yabo ngoba besilwela ukuthi singahlali emakhaya, ukungondli abazali nezingane, ukungahloniphi, ukungalandeli amasiko(hhayi imikhuba) esintu esikhuliswe ngawo.
Ngiyinsizwa esasencane ngokwemvelo kodwa ke hhayi enqondweni. Ngikhuza izinsizwa ngokungakumeli ukuba umuntu wesilisa. Khuzekani zinsizwa, uma ungavikeli umndeni wakho, qaphela ungaphucwa lawomandla onikwe wona, njengendoda kufanele uvikele umndeni wakho ngayoyonke indlela. Kufanele wazi ukuthi unikwe imbewu yomhlaba kanti futhi naleyombewu ayisilutho uma ingabekwanga endaweni efanele. Enye yombhalo osencwadini engcwele uveza ukuthi "ubusisiwe umuntu omgodlagodla wakhe ugcwele". Ngakho ngithi zinsizwa aniyeke ukuzenza obhuti-sisi. Ubokwazi nje ukuthi njengendoda ubekelwe ini emhlabeni. Aniganwe madoda ningalokhu nilitshalwe ukudla emhlambini kuhle kwenkunzi, ningaziphathisi kuhle kwezilwane.
Ngiphetha nje, zimbali zesizwe aniyeke lomkhuba wokuthi nithanda abobulili obufanayo, sizovelaphi isizukulwane esizayo uma senenza lomkhuba obulala izwe.
Vuka Afrika
Subscribe to:
Comments (Atom)